TOC

This article has been localized into isiZulu by the community.

Mayelana neWPF:

Iyini iWPF?

I-WPF, okuyisifushaniso segama elithi Windows Presentation Foundation, iyithuluzi lamuva lakwaMicrosoft lokwenza iGUI framework, elisebenzisana ne-.Net framework.

Kodwa iyini YONA iGUI framework? Isifushaniso esithi GUI sisuselwa egameni elithi Graphical User Interface, futhi cishe njengamanje yiyona le oyibhekile njengoba ufunda. UWindows uneGUI ongayisebenzisa lapho usebenzisa ikhompyutha, kanye ne-browser okungenzeka usifunda kuyo lesi sihloko nao ine-GUI ekuvumela ukuba ufune izinto ku-Inthanethi.

I-GUI framework ikuvumela ukuba wakhe uhlelo lwekhompyutha esilibiza ngokuthi yi-application usebenzisa izici eziningana zeGUI ezibazwa ngama-element, njengama-labels, ama-textboxe nokunye okuningi. Ukube ibingekho iGUI framework bekungadinga uzidwebele wena lezi zinto futhi usingathe yonke imisebenzi yokuxhumana nekhompyutha ngendlela ye-text neye mouse. Lowo umsebenzi OMKHULU kakhulu, ngakho esikhundleni salokho, ama-developer amaningi asebenzisa iGUI framework eyenza yonke le misebenzi eyisisekelo bese inika ama-developer ithuba lokugxila ekubhaleni ikhodi ye-application.

Kunenqwaba yama-GUI frameworks atholakalayo, kodwa ama-developer asebenzisa i- .NET, njengamanje athanda kakhulu iWinForms ne-WPF. I-WPF iyona entsha kakhulu, kodwa uMicrosoft usayigcina isebenza futhi uyayisekela neWinForms. Njengoba uzobona esahlukweni esilandelayo, kunemahluko omningana phakathi kwala ma-frameworks amabili, kodwa inhloso yawo iyefana: Ukwenza kube lula ukwakha ama-applications ane-GUI ebukeka kahle nesebenziseka kalula.

Esahlukweni esilandelayo, sizohlola umehluko phakathi kweWinForms kanye ne-WPF.